Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 26:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noSimakade, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu umuntu ezingela intendele ezintabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Igazi lami malingaweli emhlabathini phambi kukaJehova, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli yaphuma ukuyofuna intwazana, njengalapho umuntu ezingela intendele ezintabeni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 26:20
9 Referans Kwoze  

“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.


Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.


Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Abayizitha zami ngeze bangizingele nokungizingela njengenyoni.


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite