Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “ ‘Manje sengizwile ukuthi unabagundi; abelusi bakho babe nathi, asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “ ‘Manje ngizwile ukuthi unabagundi bakho lapho. Abelusi bakho bebenathi, asibalimazanga, abalahlekelwanga yilutho ngazo zonke izinsuku beseKharmeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Manje ngizwile ukuthi unabagundi; manje abelusi bakho ababe nathi, asibalimazanga, abasweli lutho ngaso sonke isikhathi beseKarmeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:7
9 Referans Kwoze  

UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.


U-Abisalomu waya enkosini, wathi: “Bheka, inceku yakho inabagundi; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite