Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; futhi wayengowesifazane onengqondo enhle futhi ebukekayo; wayengowendlu kaKalebi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:3
15 Referans Kwoze  

Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.


Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”


Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.


UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.


Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.


Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.


Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.


phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi, nesiwula uma sisuthile ngokudla,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite