Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwakukhona umuntu eMahoni omfuyo yakhe yayiseKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, enezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:2
17 Referans Kwoze  

Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.


IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha,


Kwatshelwa uTamari ukuthi: “Bheka, uyihlozala uyakhuphukela eThimna ukuyogunda izimvu zakhe.”


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.


NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.


Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu.


U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”


ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.


izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,


phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi, nesiwula uma sisuthile ngokudla,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite