Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UDavide wayesethi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe; Babhinca, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; Naye uDavide wabhinca inkemba yakhe, wenyuka wamlandela uDavide kungathi amadoda angamakhulu amane; abangamakhulu amabili basala kwabalungileyo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:13
17 Referans Kwoze  

Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.


Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisana ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.


Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.


Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.


Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.


Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi.


Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati.


Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.


Ungasho ukuthi: “Ngiyakuphindisela okubi,” yethemba kuJehova, uyakukusindisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite