Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UNabali wasephendula izinceku zikaDavida wathi: Ngubani uDavida? futhi ingubani indodana kaJese? kulezi zinsuku ziningi izinceku ezephula, kube yilowo nalowo enkosini yakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:10
14 Referans Kwoze  

UGali indodana ka-Ebedi wathi: “Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali,* noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?


Izikhali zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.


Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile, nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.


Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.


Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho, Israyeli, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?


Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.”


Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite