Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 23:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 23:16
16 Referans Kwoze  

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.


Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.


Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.


Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.


Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.


Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,


UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite