Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 23:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngemva kwalokho uDavide namadoda ayekanye naye, kungathi abangamakhulu ayisithupha, basuka basuka eKehila, bahamba nomaphi lapho babengaya khona. USawule watshelwa ukuthi uDavide ubalekile eKehila; wehluleka ukuphuma.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 23:13
7 Referans Kwoze  

UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”


Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.


Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.


Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite