Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske* egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USawule wezwa ukuthi uDavide nabantu ayekanye nabo babebonakele. USawule wayeseGibheya, ehleli phansi kwesihlahla somthamariske egqumeni, ephethe umkhonto esandleni, izinceku zakhe zonke zazimi naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho uSawule ezwa ukuthi uDavide utholakele namadoda ayenaye, uSawule wahlala eGibeya ngaphansi komuthi eRama ephethe umkhonto wakhe esandleni sakhe, nazo zonke izinceku zakhe zazimi ngakuye.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:6
7 Referans Kwoze  

USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.


Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.


U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.


USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababe naye babe ngamakhulu ayisithupha;


Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite