Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuSimakade na? Qha, akunjalo; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho mpela ngalokhu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngaqala-ke ukumbuzela kuNkulunkulu na? inkosi mayingabaleli lutho encekwini yayo nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho ngalokhu, nokuncane noma okuncane.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:15
10 Referans Kwoze  

U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci.


Inkosi yayisithi: “Uyakufa nokufa, Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.”


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


Lapho uDavide ebuza kuJehova, wathi yena: “Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo.


Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.


Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli icala, futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite