Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Ahimeleki wayeseyiphendula inkosi, wathi: “Ngubani phakathi kwezinceku zakho zonke othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, ohamba ngokomyalo wakho, odumileyo endlini yakho, na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:14
13 Referans Kwoze  

UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”


UJehova uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”


UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.


uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.


Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite