Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 21:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwakukhona lapho umuntu othile wezinceku zikaSawule ngalolo suku, eboshiwe phambi kukaJehova; igama lakhe lalinguDowegi umEdomi, induna yabelusi bakaSawule.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 21:7
21 Referans Kwoze  

UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.


imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;


‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.


USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.


Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: “Yini ukuba abantu bakhale na?” Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.


Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi baka-Isaka, bathi: “Amanzi angawethu.” Wabiza igama lomthombo ngokuthi i-Eseke,* ngokuba baphikisana naye.


UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”


UDavide wathi ku-Abiyathara: “Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.


uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.


“ ‘Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele.


Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.


“Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.


Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.


Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite