Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho woba nomusa encekwini yakho; ngoba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova lawe; ngoba uzongilethelani kuyihlo?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:8
16 Referans Kwoze  

U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.


Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”


Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”


UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”


UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”


Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.


Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”


UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”


Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite