Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:5
17 Referans Kwoze  

Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;


“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.


Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela;


Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.


Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’


Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Kahle.”


UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”


UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.


UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.


Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite