Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:32
17 Referans Kwoze  

Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”


UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.


Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,


Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.


USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.


UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;


U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?


UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite