Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Wathi kuye: “Qha, ngeke kwenzeke lokho; awuyukufa. Ubaba akukho akwenza engangitshelanga khona, noma ngabe kukhulu noma ngabe kuncane; pho kungani ukuba ubaba angifihlele lokho na? Akusoze kwenzeka.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi kuye: “Makube kude lokho; aniyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane, makwazeke kimi; ubaba ungifihleleni le nto na? Akunjalo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:2
14 Referans Kwoze  

Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:


UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.


“Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele* lakhe.”


Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.” Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”


INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu,


UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite