Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:8
31 Referans Kwoze  

Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.


nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.


Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.


Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.


wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.


Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.


Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.


UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.


Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.


Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


“Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,


Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe, yathi kuye: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela*


kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.


Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.


Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.


Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite