Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyampofu, acebise; Uyazithoba futhi aphakamise.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:7
17 Referans Kwoze  

kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.


ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo baphakanyiselwe ukusindiswa.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,


Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.


Yasukuma, yangena endlini; yathela amafutha ekhanda lakhe, yathi kuye: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.


Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.


Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.


UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu, nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,


Wazenzela nemizi, nemfuyo yezimvu, nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.


“Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina Jehova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane; ngomisile umuthi oluhlaza, ngihlumisile umuthi owomileyo. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite