Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Umntwana uSamuweli wakhula, wathandeka kuJehova nakubantu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:26
11 Referans Kwoze  

UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.


Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.


Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.


USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite