Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:25
25 Referans Kwoze  

Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,


Ngalokho ngifungile ngendlu ka-Eli ukuthi ububi bendlu ka-Eli abuyikuhlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.”


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela; ozonda ukusolwa uyakufa.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.


Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.


Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.


“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,


mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.


Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise, kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.


isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite