Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 USawule wakhumula izingubo zakhe, waphrofetha phambi kukaSamuweli. Walala phansi enqunu lonke lolo lusuku nabo bonke lobo busuku. Yingakho abantu bathi: “Kanti noSawule uphakathi kwabaphrofethi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha ngokunjalo phambi kukaSamuweli, walala enqunu usuku lonke nobusuku bonke. Ngakho bathi: Kambe uSawuli laye uphakathi kwabaprofethi yini?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:24
10 Referans Kwoze  

Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.


ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”


UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:


uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite