Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Wayeseya khona eNayothi eRama, uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wayehamba ephrofetha, waze wayofika eNayothi, eRama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Waya khona eNajoti eRama, loMoya kaNkulunkulu laye waba phezu kwakhe, waprofetha waze wafika eNajothi eRama.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:23
14 Referans Kwoze  

Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe;


Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


Kwaphendula umuntu wakhona, wathi: “Ngubani uyise na?” Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.


Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: “Baphi oSamuweli noDavide na?” Kwathiwa: “Bheka, baseNayoti eRama.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite