Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USawule wazama ukumgwaza uDavide odongeni ngomkhonto; kepha washelela ebusweni bukaSawule, wagwaza umkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:10
20 Referans Kwoze  

USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.


USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.


Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Umphefumulo wethu uphunyukile njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.


USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: “Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.”


bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite