Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezingubo zakhe kuze kufike enkembeni yakhe, kwaze kwafika kumnsalo wakhe, nasebhandeni lakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:4
10 Referans Kwoze  

UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.


UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.


ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite