Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawa mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula kuwe ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu mina ngithiwe ngimpofu nomncane na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:23
12 Referans Kwoze  

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.


Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.


USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”


UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?”


USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: “Wakhuluma kanjalo uDavide.”


Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite