Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayebahola, engena ephuma nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayengena ephuma phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:16
9 Referans Kwoze  

UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.


Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.


“Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.


Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”


ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”


Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.


Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba.


Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite