Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:45
21 Referans Kwoze  

ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,


okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngokuba angiwethembi umnsalo wami, nenkemba yami ayingisindisi;


“Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.


U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite