Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 UmFilisti wasesithi kuDavida: Ngiyinja yini ukuthi uze kimi uphethe izinduku? UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:43
14 Referans Kwoze  

Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”


U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?” Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”


U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”


Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”


ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.” UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.


UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite