Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Athi amadoda akwa-Israyeli: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na?” wakhuphuka ukudelela u-Israyeli; umuntu oyombulala, inkosi iyakumcebisa ingcebo eningi, imnike indodakazi yakhe, ikhulule indlu kayise kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:25
11 Referans Kwoze  

UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.


Wathi: “Kubafo.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile.


Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.


Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.


Abantu bamphendula ngalona lelo zwi; bathi-ke: “Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite