Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 16:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki ubuso bakhe nobude bomzimba wakhe; ngoba ngimalile; ngoba uJehova akaboni njengoba umuntu ebona; ngokuba umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 16:7
34 Referans Kwoze  

Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


Kepha, Jehova Sebawoti, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngikwambulele indaba yami.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.


Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu,


Amehlo enyama unawo na? Uyabona njengabantu na?


Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.


Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.


Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.


Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu.


Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?


“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.


Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite