Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wathi: “Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni.” Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wathi: “Yebo, ngize ngokuthula. Ngizohlabela uSimakade; zingcweliseni nihlanganyele nami emhlatshelweni.” Wamngcwelisa uJese namadodana akhe, wabamema emhlatshelweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathi: “Ngokuthula, ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni nize nami emhlatshelweni. Wangcwelisa uJese namadodana akhe, wababizela emhlatshelweni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 16:5
16 Referans Kwoze  

UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.


“Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe.


Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.


Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.


Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,


Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?” Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”


Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite