Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 16:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 USamuweli wenza lokho akutshelwa nguSimakade, waya eBhethlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ngabe uze ngokuthula na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 16:4
13 Referans Kwoze  

Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?” Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”


Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”


Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?” Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”


UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?”


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.


Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,


Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.


Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.


UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”


Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).


Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite