Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki ephila, wababulala bonke abantu ngosiko lwenkemba ngesiqalekiso.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:8
15 Referans Kwoze  

Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,


Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.


walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.


e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.


Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.


“ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.


Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.


INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite