Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:23
36 Referans Kwoze  

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”


“ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,


ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


“Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.


URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.


ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.


Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.


Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’


USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.


kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.


Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye,


nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:


Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite