Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho uSamuweli efika kuSawule, uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe wena nguJehova! Ngenza umyalo kaJehova.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:13
17 Referans Kwoze  

Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.


Yena wathi kunina: “Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha.” Unina wathi: “Mayibusiswe nguJehova indodana yami.”


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”


Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.


Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.


U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”


Makakudumise omunye, kungabi ngumlomo wakho, kube ngumfokazi, kungabi yizindebe zakho.


Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.


Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u-Abigayili umkaNabali, yathi: “Bheka, uDavide wathuma izithunywa zivela ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu, kepha yazithukuthelela.


UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.


USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite