Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USamuweli wavuka ekuseni ukuhlangabeza uSawule ekuseni, watshelwa uSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli, bheka, wamlungisela indawo;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:12
12 Referans Kwoze  

IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha,


U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.


Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.


Wayesekhuphuka u-Ahabi ukuba adle, aphuze. U-Eliya wakhuphukela esiqongweni saseKarmeli, wakhothamela phansi, wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”


USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.


U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.


noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi,


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite