Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:47
17 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.


UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.


UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba.


UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.


USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwa-Israyeli.


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; aya endaweni yawo.


Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.


Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.


Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.


Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.


U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.


Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.


Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite