Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 USawule wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:44
11 Referans Kwoze  

Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.


Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”


UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”


Uma uthole izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.” UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”


Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.”


Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite