Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 USawule wabiza bonke abantu ababenaye, bahamba baya ukuyolwa. Kwaba yilowo nalowo wasingena ngenkemba isitha, yatholana phezulu kwashunqa uthuli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, bangena ekulweni;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:20
8 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.


Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.


“Ngiyakuvusa abaseGibithe ukuba bamelane nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, umuzi nomuzi, umbuso nombuso.


Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.


Ngiyakumbizela inkemba kuzo zonke izintaba zami, isho iNkosi uJehova, inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”


Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite