Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babheka; futhi bheka, isixuku sancibilika, futhi baqhubeka behlula omunye nomunye.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:16
8 Referans Kwoze  

“Ngiyakuvusa abaseGibithe ukuba bamelane nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, umuzi nomuzi, umbuso nombuso.


Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.


Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.


USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.


Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.


Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite