Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwase kuba khona ukuthuthumela phakathi kwempi, endle, naphakathi kwabantu bonke;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:15
18 Referans Kwoze  

Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;


Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.


Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.


Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.


Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.


Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.


esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.


Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.


Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite