Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:5
14 Referans Kwoze  

“Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.


Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,


Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?”


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu.”


Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”


Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite