Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Njalo lingaphambuki; ngoba ziyize.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:21
21 Referans Kwoze  

“Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


“Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.


“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


“Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,


Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite