Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 USamuweli wayesethi kubantu: “Ningesabi; nenze bonke lobu bubi;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:20
15 Referans Kwoze  

“Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.


Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.


“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.


Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.”


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite