Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zamemezela lezi zindaba ezindlebeni zabantu, futhi bonke abantu baphakamisa amazwi abo bakhala inyembezi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 11:4
15 Referans Kwoze  

Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.


Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”


USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababe naye babe ngamakhulu ayisithupha;


Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?” UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite