Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Wayesesondeza isizwana sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwenziwa unkatho, lwadla umndeni wakwaMathri; lwadla noSawule, indodana kaKishi. Kepha kwathi lapho bemfuna, akafunyanwanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Esesondele isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yaso, kwathathwa umndeni wakwaMatiri, noSawule indodana kaKishi wathunjwa; kwathi sebemfuna, akabange esafunyanwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:21
7 Referans Kwoze  

Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.


USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.


Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.”


U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.


Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.


Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.


Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite