Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kwathi lapho bonke abebekade bemazi kuqala bebona ukuthi uphrofetha nabaphrofethi, bakhuluma bodwa omunye ethi komunye: “Yini le eyenzeke endodaneni kaKishi na? Ngabe nguSawule ngempela lo ophakathi kwabaphrofethi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi bonke ababemazi ngaphambili bebona ukuthi wayeprofethile phakathi kwabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kwenzekeni endodaneni kaKishi na?” Ingabe noSawule uphakathi kwabaprofethi?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:11
10 Referans Kwoze  

Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”


Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”


Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.


Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.


Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite