Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. U-Eli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UHana wasukuma, sebedlile eShilo, sebephuzile; Umpristi u-Eli wayesehlezi esihlalweni ngasensikeni yethempeli likaJehova.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 1:9
9 Referans Kwoze  

isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.


Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala; lihluba amahlathi; nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”


khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.


Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.


Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite