Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Elikhana umyeni wakhe, wathi kuHana: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukiswe yini na? Kanti angedluli yini kuwe amadodana alishumi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? futhi kungani ungadli? Inhliziyo yakho idabukeni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 1:8
11 Referans Kwoze  

Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”


Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na?” usho uNkulunkulu wakho.


“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.


Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.


UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?” Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”


Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”


ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.


“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.


UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?” Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”


Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite