Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:9
42 Referans Kwoze  

Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.


Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.


Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.


Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,


kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo.


wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.


Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.


Ocindezela ompofu ukuba azandisele nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.


Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.


basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.


ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,


ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.


ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.


Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!


Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho.


Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


“Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,


Wathi kuye: “Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Ngiphe isivini sakho ngesiliva; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso;’ kodwa wathi: ‘Angiyikukunika isivini sami.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite